Salmos 96

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.

2 Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

3 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

4 Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

5 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu.

6 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

8 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.

9 Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele; thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.

10 Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

11 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

12 Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi

13 ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 96, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.