Salmos 92

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Ihubo. Igama losuku lwesabatha. Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;

2 ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,

3 ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi, nomqangala, kanye nehabhu elizwakala kamnandi.

4 Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho; ngiyakumemeza ngokujabula.

5 Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

6 Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni.

7 Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube phakade.

8 Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

9 Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, bheka, izitha zakho, ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10 Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11 Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12 Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari eLebanoni.

13 Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14 Nasebudaleni bayakuthela izithelo, bahlume babe luhlaza,

15 ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 92, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.