Neemias 7

Zulu Bible (GL_ZULU) vs NVI

Sair da comparação
NVI Nova Versão Internacional
1 Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,
1 Depois que o muro foi reconstruído e que eu coloquei as portas no lugar, foram nomeados os porteiros, os cantores e os levitas.
2 ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.
2 Para governar Jerusalém encarreguei o meu irmão Hanani e, com ele, Hananias, comandante da cidade forte, pois Hananias era íntegro e temia a Deus mais do que a maioria dos homens.
3 Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”
3 Eu lhes disse: As portas de Jerusalém não deverão ser abertas enquanto o sol não estiver alto. E antes de deixarem o serviço, os porteiros deverão fechar e travar as portas. Também designei moradores de Jerusalém para sentinelas, alguns em postos no muro, outros em frente das suas casas.
4 Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.
4 Ora, a cidade era grande e espaçosa, mas havia poucos moradores, e as casas ainda não tinham sido reconstruídas.
5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:
5 Por isso o meu Deus pôs no meu coração reunir os nobres, os oficiais e todo o povo para registrá-los por famílias. Encontrei o registro genealógico dos que foram os primeiros a voltar. E assim estava registrado ali:
6 Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
6 Estes são os homens da província que voltaram do exílio, os quais Nabucodonosor, rei da Babilônia, havia levado prisioneiros. Eles voltaram para Jerusalém e para Judá, cada um para a sua própria cidade,
7 abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
7 em companhia de Zorobabel, Jesua, Neemias, Azarias, Raamias, Naamani, Mardoqueu, Bilsã, Misperete, Bigvai, Neum e Baaná. E esta é a lista e o número dos que retornaram, pelos chefes de família e respectivas cidades:
8 abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
8 os descendentes de Parós 2. 172
9 abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
9 de Sefatias 372
10 abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;
10 de Ara 652
11 abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;
11 de Paate-Moabe, por meio da linhagem de Jesua e Joabe, 2. 818
12 abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
12 de Elão 1. 254
13 abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;
13 de Zatu 845
14 abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
14 de Zacai 760
15 abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;
15 de Binui 648
16 abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;
16 de Bebai 628
17 abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;
17 de Azgade 2. 322
18 abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;
18 de Adonicão 667
19 abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;
19 de Bigvai 2. 067
20 abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;
20 de Adim 655
21 abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
21 de Ater, por meio de Ezequias, 98
22 abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;
22 de Hasum 328
23 abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;
23 de Besai 324
24 abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;
24 de Harife 112
25 abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.
25 de Gibeom 95
26 Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;
26 das cidades de Belém e de Netofate 188
27 amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
27 de Anatote 128
28 amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
28 de Bete-Azmavete 42
29 amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
29 de Quiriate-Jearim, Cefira e Beerote 743
30 amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
30 de Ramá e Geba 621
31 amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
31 de Micmás 122
32 amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;
32 de Betel e Ai 123
33 amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
33 do outro Nebo 52
34 abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
34 do outro Elão 1. 254
35 abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
35 de Harim 320
36 abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
36 de Jericó 345
37 abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;
37 de Lode, Hadide e Ono 721
38 abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.
38 de Senaá 3. 930.
39 Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
39 Os sacerdotes: os descendentes de Jedaías, por meio da família de Jesua, 973
40 abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
40 de Imer 1. 052
41 abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
41 de Pasur 1. 247
42 abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
42 de Harim 1. 017.
43 AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.
43 Os levitas: os descendentes de Jesua, por meio de Cadmiel, pela linhagem de Hodeva 74.
44 Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.
44 Os cantores: os descendentes de Asafe 148.
45 Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi: yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.
45 Os porteiros do templo: os descendentes de Salum, Ater, Talmom, Acube, Hatita e Sobai 138.
46 AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
46 Os servidores do templo: os descendentes de Zia, Hasufa, Tabaote,
47 nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiya, nabantwana bakwaPhadoni,
47 Queros, Sia, Padom,
48 nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwaShalimayi,
48 Lebana, Hagaba, Salmai,
49 nabantwana bakwaHanani, nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari,
49 Hanã, Gidel, Gaar,
50 nabantwana bakwaRewaya, nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda,
50 Reaías, Rezim, Necoda,
51 nabantwana bakwaGazamu, nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya,
51 Gazão, Uzá, Paséia,
52 nabantwana bakwaBesayi, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefushesimi,
52 Besai, Meunim, Nefusim,
53 nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
53 Baquebuque, Hacufa, Harur,
54 nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
54 Baslite, Meída, Harsa,
55 nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
55 Barcos, Sísera, Tamá,
56 nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
56 Nesias e Hatifa.
57 Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaSofereti, nabantwana bakwaPherida,
57 Os descendentes dos servos de Salomão: os descendentes de Sotai, Soferete, Perida,
58 nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
58 Jaala, Darcom, Gidel,
59 nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Amoni.
59 Sefatias, Hatil, Poquerete-Hazebaim e Amom.
60 Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.
60 Os servos do templo e os descendentes dos servos de Salomão 392.
61 Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:
61 Os que chegaram das cidades de Tel-Melá, Tel-Harsa, Querube, Adom e Imer, mas não puderam provar que suas famílias eram descendentes de Israel:
62 abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.
62 Os descendentes de Delaías, Tobias e Necoda 642.
63 Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
63 E dentre os sacerdotes: os descendentes de Habaías, Coz e Barzilai, homem que se casou com uma filha de Barzilai, de Gileade, e que era chamado por aquele nome.
64 Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.
64 Esses procuraram seus registros de família, mas não conseguiram achá-los e, dessa forma, foram considerados impuros para o sacerdócio.
65 Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.
65 Por isso o governador determinou que eles não comessem das ofertas santíssimas enquanto não houvesse um sacerdote para consultar o Urim e o Tumim.
66 Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
66 O total de todos os registrados foi 42. 360 homens,
67 ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.
67 além de seus 7. 337 servos e servas; havia entre eles 245 cantores e cantoras.
68 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
68 Possuíam 736 cavalos, 245 mulas,
69 amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
69 435 camelos e 6. 720 jumentos.
70 Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.
70 Alguns dos chefes das famílias contribuíram para o trabalho. O governador deu à tesouraria oito quilos de ouro, 50 bacias e 530 vestes para os sacerdotes.
71 Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.
71 Alguns dos chefes das famílias deram à tesouraria, para a realização do trabalho, cento e sessenta quilos de ouro e uma tonelada e trezentos e vinte quilos de prata.
72 Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.
72 O total dado pelo restante do povo foi de cento e sessenta quilos de ouro, uma tonelada e duzentos quilos de prata e 67 vestes para os sacerdotes.
73 Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini, naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.
73 Os sacerdotes, os levitas, os porteiros, os cantores e os servidores do templo, e também alguns do povo e os demais israelitas, estabeleceram-se em suas próprias cidades. Quando chegou o sétimo mês e os israelitas tinham se instalado em suas cidades,

Ler em outra tradução

Comparar com outra

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Neemias 7, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.