Salmos 130

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Igama lokukhuphuka. Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.

2 Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3 Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?

4 Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.

5 Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.

6 Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa.

7 U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.

8 Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 130, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.