Salmos 38

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 38:1 AmaH. 6:1; Jer. 10:24.

2 Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. 38:2 Dut. 32:23; Jobe 6:4.

3 Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4 Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5 Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. 38:5 AmaH. 40:12.

6 Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.

7 Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.

8 Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9 Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10 Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11 Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. 38:11 Jobe 19:13; AmaH. 27:10.

12 Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.

13 Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. 38:13 Isaya 53:7.

14 Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15 Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16 Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17 Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18 Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami.

19 Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. 38:19 AmaH. 3:1.

20 Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. 38:20 AmaH. 119:95.

21 Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22 Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 38, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.