Salmos 128

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Igama lokukhuphuka. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.

2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.

4 Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.

5 UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6 Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 128, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.