Salmos 127

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.

2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.

4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha.

5 Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 127, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.