Números 7
Zulu Bible (GL_ZULU) vs NTLH
1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele, waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,
1 No dia em que Moisés acabou de armar a Tenda Sagrada , ele a ungiu e a dedicou ao serviço de Deus, junto com todos os objetos da Tenda e do altar.
2 izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo.
2 Então os chefes dos grupos de famílias, que eram líderes das tribos do povo de Israel, os mesmos homens que estavam cuidando da contagem do povo,
3 Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.
3 trouxeram as suas ofertas a Deus, o Senhor , isto é, seis carroças cobertas e doze bois. Cada dois chefes ofereceram uma carroça, e cada um deles, um boi; e puseram tudo na frente da Tenda.
4 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
4 O Senhor disse a Moisés:
5 “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.”
5 — Receba as carroças e os bois a fim de serem usados para o serviço da Tenda; e dê essas ofertas aos levitas , a cada um de acordo com o serviço que faz.
6 UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.
6 Então Moisés deu aos levitas as carroças e os bois.
7 Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,
7 Aos descendentes de Gérson ele deu duas carroças e quatro bois, de acordo com o serviço que faziam.
8 nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
8 Aos descendentes de Merari, também de acordo com o serviço deles, Moisés deu quatro carroças e oito bois. Esse serviço era dirigido por Itamar, filho do sacerdote Arão.
9 Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.
9 Porém Moisés não deu aos descendentes de Coate nem carroças nem bois, pois os objetos sagrados de que eles cuidavam tinham de ser carregados nos ombros.
10 Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.
10 Os chefes também trouxeram as ofertas para comemorar a dedicação do altar ao serviço de Deus. Quando eles já estavam prontos para apresentar as suas ofertas no altar,
11 UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”
11 o Senhor Deus disse a Moisés: — Os chefes, cada um no seu próprio dia, deverão apresentar as suas ofertas para a dedicação do altar ao meu serviço. As ofertas que cada um trouxe eram iguais: uma bandeja de prata pesando um quilo e meio; uma bacia de prata pesando oitocentos gramas, segundo a tabela oficial (a bandeja e a bacia estavam cheias de farinha de trigo misturada com azeite, para a oferta de cereais); um prato de ouro pesando cento e quinze gramas, cheio de incenso; um touro novo, um carneiro e um carneirinho de um ano para serem completamente queimados; um bode como oferta para tirar pecados; e, como oferta de paz, dois bois, cinco carneiros, cinco bodes e cinco carneirinhos de um ano.
12 Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.
12 — ausente —
13 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
13 — ausente —
14 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
14 — ausente —
15 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
15 — ausente —
16 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
16 — ausente —
17 Okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
17 — ausente —
18 Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli indodana kaSuwari, isikhulu sakwa-Isakare.
18 — ausente —
19 Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
19 — ausente —
20 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
20 — ausente —
21 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
21 — ausente —
22 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
22 — ausente —
23 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNethaneli indodana kaSuwari.
23 — ausente —
24 Ngosuku lwesithathu ngu-Eliyabe indodana kaHeloni, isikhulu sabantwana bakwaZebuloni.
24 — ausente —
25 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
25 — ausente —
26 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
26 — ausente —
27 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
27 — ausente —
28 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
28 — ausente —
29 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyabe indodana kaHeloni.
29 — ausente —
30 Ngosuku lwesine ngu-Elisuri indodana kaShedewuri, isikhulu sabantwana bakwaRubeni.
30 — ausente —
31 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
31 — ausente —
32 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
32 — ausente —
33 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
33 — ausente —
34 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
34 — ausente —
35 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elisuri indodana kaShedewuri.
35 — ausente —
36 Ngosuku lwesihlanu nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi, isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni.
36 — ausente —
37 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
37 — ausente —
38 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
38 — ausente —
39 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
39 — ausente —
40 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
40 — ausente —
41 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
41 — ausente —
42 Ngosuku lwesithupha ngu-Eliyasafa indodana kaDehuweli, isikhulu sabantwana bakwaGadi.
42 — ausente —
43 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
43 — ausente —
44 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
44 — ausente —
45 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
45 — ausente —
46 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
46 — ausente —
47 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
47 — ausente —
48 Ngosuku lwesikhombisa ngu-Elishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi.
48 — ausente —
49 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
49 — ausente —
50 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
50 — ausente —
51 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
51 — ausente —
52 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
52 — ausente —
53 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi.
53 — ausente —
54 Ngosuku lwesishiyagalombili nguGamaliyeli indodana kaPedasuri, isikhulu sabantwana bakwaManase.
54 — ausente —
55 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
55 — ausente —
56 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
56 — ausente —
57 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
57 — ausente —
58 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
58 — ausente —
59 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyishlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri.
59 — ausente —
60 Ngosuku lwesishiyagalolunye ngu-Abidani indodana kaGideyoni, isikhulu sabantwana bakwaBenjamini.
60 — ausente —
61 Unikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
61 — ausente —
62 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
62 — ausente —
63 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
63 — ausente —
64 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
64 — ausente —
65 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Abidani indodana kaGideyoni.
65 — ausente —
66 Ngosuku lweshumi ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani.
66 — ausente —
67 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
67 — ausente —
68 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
68 — ausente —
69 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
69 — ausente —
70 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
70 — ausente —
71 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
71 — ausente —
72 Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana ka-Okirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri.
72 — ausente —
73 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
73 — ausente —
74 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
74 — ausente —
75 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
75 — ausente —
76 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
76 — ausente —
77 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana ka-Okirani.
77 — ausente —
78 Ngosuku lweshumi nambili ngu-Ahira indodana ka-Enani, isikhulu sabantwana bakwaNafetali.
78 — ausente —
79 Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,
79 — ausente —
80 nenkezo yegolide engamashekeli ayishumi egcwele impepho,
80 — ausente —
81 neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,
81 — ausente —
82 nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.
82 — ausente —
83 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani.
83 — ausente —
84 Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,
84 — ausente —
85 yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,
85 — ausente —
86 nezinkezo zegolide eziyishumi nambili ezigcwele impepho, yileyo naleyo ingamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendlu engcwele; lonke igolide lezinkezo lalingamashekeli ayikhulu namashumi amabili;
86 doze pratos de ouro pesando um quilo trezentos e oitenta gramas (os pratos estavam cheios de incenso);
87 zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa zaziyizinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama eziyishumi nambili, nezimvu zamaduna ezinomnyaka munye eziyishumi nambili kanye nomnikelo wazo wempuphu, nezimpongo zomnikelo wesono eziyishumi nambili;
87 como ofertas a serem completamente queimadas, doze touros novos, doze carneiros e doze carneirinhos de um ano, junto com as ofertas de cereais que acompanham essas ofertas; como ofertas para tirar pecados, doze bodes;
88 izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare; lapho lase ligcotshiwe.
88 e, como ofertas de paz, vinte e quatro bois, sessenta carneiros, sessenta bodes e sessenta carneirinhos de um ano.
89 Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.
89 Quando Moisés entrou na Tenda Sagrada para falar com o Senhor , ouviu a voz de Deus falando com ele de cima da tampa da arca da aliança , do meio dos dois querubins (Era assim que Deus falava com Moisés.).
Atalhos do teclado
- Capítulo anterior←
- Próximo capítulo→
- Versículo anteriork
- Próximo versículoj
- Limpar seleçãoEsc
- Esta ajuda?
Estude este capítulo no WhatsApp
Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Números 7, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.