Gênesis 5

Zulu Bible (GL_ZULU) vs NVI

Sair da comparação
NVI Nova Versão Internacional
1 Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.
1 Este é o registro da descendência de Adão: Quando Deus criou o homem, à semelhança de Deus o fez;
2 Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.
2 homem e mulher os criou. Quando foram criados, ele os abençoou e os chamou Homem.
3 U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.
3 Aos 130 anos, Adão gerou um filho à sua semelhança, conforme a sua imagem; e deu-lhe o nome de Sete.
4 Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.
4 Depois que gerou Sete, Adão viveu 800 anos e gerou outros filhos e filhas.
5 Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.
5 Viveu ao todo 930 anos e morreu.
6 USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.
6 Aos 105 anos, Sete gerou Enos.
7 Emva kokuzalwa kuka-Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
7 Depois que gerou Enos, Sete viveu 807 anos e gerou outros filhos e filhas.
8 Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.
8 Viveu ao todo 912 anos e morreu.
9 U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani.
9 Aos 90 anos, Enos gerou Cainã.
10 Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
10 Depois que gerou Cainã, Enos viveu 815 anos e gerou outros filhos e filhas.
11 Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
11 Viveu ao todo 905 anos e morreu.
12 UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele.
12 Aos 70 anos, Cainã gerou Maalaleel.
13 Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi.
13 Depois que gerou Maalaleel, Cainã viveu 840 anos e gerou outros filhos e filhas.
14 Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.
14 Viveu ao todo 910 anos e morreu.
15 UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uJarede.
15 Aos 65 anos, Maalaleel gerou Jarede.
16 Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
16 Depois que gerou Jarede, Maalaleel viveu 830 anos e gerou outros filhos e filhas.
17 Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.
17 Viveu ao todo 895 anos e morreu.
18 UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke.
18 Aos 162 anos, Jarede gerou Enoque.
19 Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi.
19 Depois que gerou Enoque, Jarede viveu 800 anos e gerou outros filhos e filhas.
20 Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.
20 Viveu ao todo 962 anos e morreu.
21 U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela.
21 Aos 65 anos, Enoque gerou Matusalém.
22 Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
22 Depois que gerou Matusalém, Enoque andou com Deus 300 anos e gerou outros filhos e filhas.
23 Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu.
23 Viveu ao todo 365 anos.
24 U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
24 Enoque andou com Deus; e já não foi encontrado, pois Deus o havia arrebatado.
25 UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka.
25 Aos 187 anos, Matusalém gerou Lameque.
26 Emva kokuzalwa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala amadodana namadodakazi.
26 Depois que gerou Lameque, Matusalém viveu 782 anos e gerou outros filhos e filhas.
27 Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.
27 Viveu ao todo 969 anos e morreu.
28 ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.
28 Aos 182 anos, Lameque gerou um filho.
29 Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”
29 Deu-lhe o nome de Noé e disse: "Ele nos aliviará do nosso trabalho e do sofrimento de nossas mãos, causados pela terra que o SENHOR amaldiçoou".
30 Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.
30 Depois que Noé nasceu, Lameque viveu 595 anos e gerou outros filhos e filhas.
31 Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.
31 Viveu ao todo 777 anos e morreu.
32 UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.
32 Aos 500 anos, Noé tinha gerado Sem, Cam e Jafé.

Ler em outra tradução

Comparar com outra

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Gênesis 5, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.