Apocalipse 7
Zulu Bible (GL_ZULU) vs NVI
1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.
1 Depois disso vi quatro anjos de pé nos quatro cantos da terra, retendo os quatro ventos, para impedir que qualquer vento soprasse na terra, no mar ou em qualquer árvore.
2 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle,
2 Então vi outro anjo subindo do Oriente, tendo o selo do Deus vivo. Ele bradou em alta voz aos quatro anjos a quem havia sido dado poder para danificar a terra e o mar:
3 yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”
3 "Não danifiquem nem a terra, nem o mar nem as árvores, até que selemos as testas dos servos do nosso Deus".
4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:
4 Então ouvi o número dos que foram selados: cento e quarenta e quatro mil, de todas as tribos de Israel.
5 esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
5 Da tribo de Judá foram selados doze mil, da tribo de Rúben, doze mil, da tribo de Gade, doze mil,
6 esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
6 da tribo de Aser, doze mil, da tribo de Naftali, doze mil, da tribo de Manassés, doze mil,
7 esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
7 da tribo de Simeão, doze mil, da tribo de Levi, doze mil, da tribo de Issacar, doze mil,
8 esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
8 da tribo de Zebulom, doze mil, da tribo de José, doze mil, da tribo de Benjamim, doze mil.
9 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,
9 Depois disso olhei, e diante de mim estava uma grande multidão que ninguém podia contar, de todas as nações, tribos, povos e línguas, de pé, diante do trono e do Cordeiro, com vestes brancas e segurando palmas.
10 samemeza ngezwi elikhulu, sithi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!”
10 E clamavam em alta voz: "A salvação pertence ao nosso Deus, que se assenta no trono, e ao Cordeiro".
11 Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:
11 Todos os anjos estavam de pé ao redor do trono, dos anciãos e dos quatro seres viventes. Eles se prostraram com o rosto em terra diante do trono e adoraram a Deus,
12 “Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”
12 dizendo: "Amém! Louvor e glória, sabedoria, ação de graças, honra, poder e força sejam ao nosso Deus para todo o sempre. Amém! "
13 Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”
13 Então um dos anciãos me perguntou: "Quem são estes que estão vestidos de branco, e de onde vieram? "
14 Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.
14 Respondi: "Senhor, tu o sabes". E ele disse: "Estes são os que vieram da grande tribulação e lavaram as suas vestes e as branquearam no sangue do Cordeiro.
15 Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele phezu kwabo.
15 Por isso, eles estão diante do trono de Deus e o servem dia e noite em seu santuário; e aquele que está assentado no trono estenderá sobre eles o seu tabernáculo.
16 Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni,
16 Nunca mais terão fome, nunca mais terão sede. Não cairá sobre eles sol, e nenhum calor abrasador,
17 ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”
17 pois o Cordeiro que está no centro do trono será o seu Pastor; ele os guiará às fontes de água viva. E Deus enxugará dos seus olhos toda lágrima".
Atalhos do teclado
- Capítulo anterior←
- Próximo capítulo→
- Versículo anteriork
- Próximo versículoj
- Limpar seleçãoEsc
- Esta ajuda?
Estude este capítulo no WhatsApp
Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Apocalipse 7, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.