Salmos 84

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKora. Ihubo. Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2 Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3 Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4 Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela

5 Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6 Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7 Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

8 Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela

9 Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10 Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.

11 Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12 Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 84, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.