Salmos 65

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama. Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2 Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.

3 Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.

4 Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.

5 Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;

6 yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;

7 othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.

8 Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.

9 Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.

10 Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.

11 Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha.

12 Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.

13 Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Salmos 65, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.