Naum 1

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.

2 UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.

3 UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

4 Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

5 Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.

6 Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.

7 UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.

8 Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

9 Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

10 Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

11 Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi.

12 Usho kanje uJehova, uthi: “Noma benamandla, futhi bebaningi, nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha.

13 Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.”

14 Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

15 Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Naum 1, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.