Isaías 31

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.

2 Nokho naye uhlakaniphile, uyakuletha okubi; akayikubuyisa amazwi akhe, kepha uyakuvukela indlu yababi nosizo lwabenza okubi.

3 AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.

4 Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

5 Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.”

6 Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.

7 Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

8 “I-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.

9 Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,” usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Isaías 31, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.