Isaías 18

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe,

2 elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

3 Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.

4 Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”

5 Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse.

6 Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

7 Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Isaías 18, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.