Isaías 15

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.

2 Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.

3 Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka, nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.

4 IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.

5 Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.

6 Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo, notshani buyoma, uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza.

7 Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo, bakuwelisa uMfula Weminyezane.

8 Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.

9 Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Isaías 15, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.