Hebreus 8

Zulu Bible (GL_ZULU)

1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,

2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.

3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela.

4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”

6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.

7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.

8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,

9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.

10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.

12 Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”

13 Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Ler em outra tradução

Comparar lado a lado

Estude este capítulo no WhatsApp

Peça à IA da Bíblia Fala para explicar Hebreus 8, comparar traduções ou montar um estudo — tudo direto pelo WhatsApp.